What is the meaning of life?
Ingachazwa ngokuthi iyini impilo? Ngingayithola kanjani injongo, ukugcwaliseka, nokweneliseka empilweni? Ingabe nginakho yini kimina ukuba ngingaphumelela ukwenza utho olusemqoka? Abaningi abantu bacanga bengaqedi ngokuthi impilo iyini, isho ukuthini. Babheka emumva eminyakeni eyadlule bangaqondisisi ukuthi ubudlelwane babo bubhidlike kanjani, nokuthi bazizwele benganelisekile yize bakutholile konke ebebefise ukukwenza. Omunye wabadlali abadumile bomdlalo wekhilikithi wake wabuzwa ukuthi yini nje ayefisa ngathi wayengatshelwa mhla eqala ukudlala lomdlalo. Waphendula wathi, “ngifisa ingathi ngabe kokhona owangitshela ukuthi uma suwufike phezulu, akukho lutho olukhona ngale.” Izifiso eziningi ziveza ubuze bazo emva kweminyaka eminingi umuntu ezilandela.