What happens after death?
Impendulo: Phakathi kwethu aMakholwa wobuKrestu, kunekudideka okuningi ngokuthi kwenzekani emuva kokufa. Abanye bathi emuva kokufa sonke siyalala kuze kuba usuku lokwahlulela kokogcina, emuva kwalokho wonke umutu uzothunyelwa eZulwini noma eSihogweni. Abanye bathi uma uqeda ukufa, uyagwetshwa bese uthunyelwa lapho bewusebenzela khona. Abanye bakholwela ukuthi uma umuntu efa umphefumulo noma umoya wakhe uthunyelwa endaweni yokulinda okwesikhashana iZulu noma iSihogo, ukulindela ukuvuswa kokugcina, nokwahlulelwa kokugcina nendawo yabo yokugcina. Lithini iBhayibheli ngokwenzeka emuva kokufa?